Home   Index    Contact Us

Isikhungo sezempilo iHluhluwe Clinic

Uphakathi waseHluhluwe nawo usuzoluthola eduze usizo lwezempilo njengoba phela wakhelwa umtholampilo osezingeni eliphezulu! Umnyango WeZempilo ulwa neZifo, Ulwa nobubha, Unikeza ithemba.

 

 

 

 

 

 

Isikhungo somphakathi sezempilo
 esisha eMkhanyakude

Isifunda saseMkhanyakude sizoba nesikhungo sezempilo somphakathi sokuqala ngqa phecelezi i Community Health Centre! Le sikhungo phela silindeleke ukuba siqale ukusebenza usanda kuqala nje unyaka u 2015 endaweni yaseJozini, enyakatho yesifundazwe saKwaZulu Natal.

Phela lokhu kuwuphawu lokuthi Umnyango WeZempilo uyaqhubeka nokulwa nezifo emphakathini ubuye unikeze ithemba ukuze phela abantu baseNingizimu Afrika bazophila impilo ende phecelezi “A long and healthy life for all South Africans”; phela vele kuyisifiso soMnyango WeZempilo ukwenweba isikhathi esiphilwa umuntu ngamunye ukuba okungenani akwazi ukuphila iminyaka engase ifinyelele kwengama-70.

 


Article and Photos by: Thabani Ntuli (Public Relations Officer) Tel 035 574 1004 / thabani.ntuli@kznhealth.gov.za
 

The material on this website may be copied for non-commercial use as long as our copyright notice and website address are included.
Copyright © KwaZulu-Natal Department of Health, 2001

 | Disclaimer