Isinyathelo 1
Beka izandla zakho emaceleni bese ubheka izinguquko ezingakhona emabeleni akho, umbala wesikhumba sebele, usayizi, ukuma kwawo, ukufacaka kanye nokushintsha kwesikhumba
Isinyathelo 2
Manje beka izandla zakho ngaphezu kwekhanda. Bheka ukuthi
amabele omabili aphakama kanyekanye.
Isinyathelo 3
Beka izandla zakho okhalweni, ucindezele ukhalo, amahlombe nezindololwane uziyise phambili. Gobela ngaphambili bese ubheka ukuthi amabele omabili awela phambili kanye kanye.
Isinyathelo 4
Manje phakamisa isandla sakho sobunxele. Nqesandla sakho sokudla
hlanganisa iminwe ndawonye iqonde bese ngokuqaphele okukhulu nangesineke
uhlole ibele langa kwesobunxele. Hlikihla isandla
akho sakuzengeza ebeleni uqale ngengaphandle nangaphezulu bese uthi,
ukucindezela kakhudlwana ukuze uzwe isicubu sebele nengaphakathi lebele.
Uma sewuzungezile okokuqala iya ngakwingono yebele uphinde uzungezise
isandla uqhubeke kuze kube ufinyelela kwingono yebele. Bheka indawo
engenhla kwebele ikakhulukazi ngasekhwapheni, ukubheka izigaxa. Phinda
ngasebeleni langekwesokudla.
Faka umcamelo ngaphansi kwegxalaba langakwesobunxele, bese ubeka isandla sobunxele esiphundu sekhanda lakho ukwenzela ukuqondisa isicubu sebele. Hlolisisa-ke ibele lakho ngokwenza okubhalwe kwisinyathelo 4 ngokuhambisa isandla sizungeze ibele. Ngesandla sakho sokudla naso ususibeke ngemuva kwekhanda, phinda kona lokho ebeleni lakho lesokudla. Botoza ngesineke ingono yebele ukubheka ukuthi kukhona okuphumayo okusaketshezi
Ukuzihlolela ngokwakho ibelo kufanele ngokomthetho kwenziwe njalo kanye ngenyanga. Uma kukhona izinguquko ezikhona noma okungajwayelekile bikela udokotela wakho noma abomtholampilo wakho.
Vakashela umtholampilo wakho uma uthola lokhu:
Ukuthola ngokushesha izimpawu zomdlavuza webele:
This page last edited on
28 June, 2024
The materials on this website may be copied for non-commercial use as long as our copyright notice and website address are included.
Copyright 2014 - All Rights Reserved - KwaZulu-Natal Department of Health Disclaimer Website by KZN Department of Health